EPUB (FIXED LAYOUT)
Unlimited loans, One at a time
Details

Le ncwadi ejabulisayo, egcwele mfi yethula izingane emaqenjini ezinyoni ezingaphezu kwama-60 ezitholakala eningizimu ne-Afrika: okholwase abanemilenze emide, oklebe abasheshayo, izincwincwi ezifana nejuba, izinsingizi ezinesibindi nezinye eziningi. Funda ukubona izinyoni ezihlukahlukene, futhi uthole nendlela ehlaba umxhwele eziziphatha ngayo–indlela ezithola ngayo ukudla, ezikhetha ngayo umlingani, ezakha ngayo isidleke, ezikhulisa ngayo amachwane azo nokuthi zizigwema kanjani izilwane ezizizingelayo. Isingeniso esinemininingwane sichaza okuphathelene nezinyoni okunjengokuthandana, ukufuduka, ukuhlala kwazo ngaziningi kanye nokwebuza. Kufakwe izithombe ezinhle ngokwedlulele ezingaphezu kwama-500, eziningi zichaziwe ukuze zigqamise izici nokuthile okuhlukile okuhlaba umxhwele ngazo. Kungani kufanele uyithenge: Iyisihloko sesibili kulolu chungechunge lwezincwadi, esethulwa kanyekanye nencwadi enesihloko esithi Kids’ Snakes of Southern Africa. Ihlanganisa amaqembu ezinyoni ezingaphezu kwama-60 ajwayelekile aseningizimu ne-Afrika futhi athathekisayo. Igcwele amaqiniso ahlaba umxhwele kanye nemibuzo yokuthi: ngabe bewazi? Izidayini, egqamile enemibala eminingi ngezithombe ezinhle kakhulu.

 

Publication date
July 01, 2023
Publisher
Page count
80
Language
Zu
EPUB ISBN
9781775848509
Paper ISBN
9781775848493
File size
144 MB
EPUB (FIXED LAYOUT)
EPUB licenses accessibility
The publisher has not provided information about accessibility.

About Us

About De Marque Work @ De Marque Contact Us Terms of use Privacy Policy Feedbooks.com is operated by the Diffusion Champlain SASU company